Research Articles

Umthelela namandla omculo womasikandi ekusungulekeni kwamatemu amasha nasekusetshenzisweni kabusha kwamanye amagama nezimo zokukhuluma

DOI: 10.1080/02572117.2026.2622629
Author(s): Dumisani Ephraim KhumaloDepartment of African Languages, University of South Africa,

Abstract

Iqhaza lomculo womasikandi kubantu abangamaZulu aligcini nje ngokuncika ekuqedeni isizungu kodwa liphinde ligqame nangezimpawu zomculo ekulondolozweni kolimi. Lolu cwaningo luphenya ngeqhaza lomculo womasikandi ekusungulekeni kwamagama amasha olimini lwesiZulu kanye nokusebenza kwamanye amagama akhona kwezinye izindikimba. Ucwaningo lusebenzise indlela yekhwalithethivu kanye nezinjulalwazi iHerneneutics neSociolinguistics Theory of Language Change (STLC) ukucubungula ulwazi oluqoqiwe. Imiphumela yocwaningo iveza ukuthi umculo womasikandi uyinqolobane emqoka yolimi lwesiZulu nokugqama endleleni lolu hlobo lobuciko obubamba ngayo iqhaza ekusungulekeni kwamatemu amasha kanye nokusetshenziswa kabusha kwalawo matemu ebevele ekhona olimini. Lokhu kubonisa ubudlelwano phakathi komculo oyingxenye yesiko kanye nolimi lomphakathi. Ucwaningo lukhuthaza ukuqashelisiswa kwendlela yokuphila kwabantu ekuqinisekiseni ukuthi izilimi zendabuko ziyagcineka, zithuthukiswe ziphinde zihambisane nokuguquguka kwesikhathi.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages