Research Articles
Izingqinamba ezibhekene nabalingiswa abathandana nobulili obufanayo emibhalweni yesiZulu: Kugxilwe enovelini ethi Bengithi lizokuna nethi Mthathe Ungowakho!
DOI:
10.1080/02572117.2025.2466438
Abstract
Leli phepha lihlose ukuhlaziya nokucubungula izingqinamba nokungemukeleki kwabalingiswa abathandana nobulili obufana nobabo enovelini ethi Bengithi Lizokuna kanye nethi Mthathe Ungowakho! Inoveli ethi Bengithi Lizokuna ibhalwe nguNakanjani Sibiya, yashicilelwa ngowezi-2008 kanti inoveli ethi Mthathe Ungowakho ilotshwe nguScelo Ntshangase kanti ishicilelwe ngonyaka wezi-2018. Lokhu kungemukeleki kudalwa amasiko esintu imiphakathi ekholelwa kuwona. Abakholelwa kula masiko esintu bazi ukuthi ubudlelwano kufanele bube phakathi komuntu wesilisa kanye nowesifazane. La manoveli anabalingiswa abathandana nobulili obufanayo kodwa bahlangabezana nezinkinga eziningi ezimpilweni zabo bezama ukuphila impilo abayithandayo. Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika ukubeka kucace ukuthi umuntu nomuntu unelungelo lokuthandana nanoma yimuphi umuntu wanoma yibuphi ubulili (Section 9(3) of the Constitution of the Republic of South Africa, 1996). Lelo yilungelo labantu okungafanele lephulwe. Abantu abathandana nobulili obufanayo kule mibhalo bahlangabezana nezinkinga ezifana nokucwaswa ngenxa yempilo abayiphilayo. Le athikili ihlose ukuhlaziya izingqinamba laba balingiswa ababhekene nazo. Lolu wucwaningo oluyikhwalithethivu. Lena indlela evumela umcwaningi ukuba aphume aye emphakathini ayohlwaya ulwazi. Le ndlela iphinde ivumele umcwaningi ukuba asebenzise imiqulu ukuthola ulwazi locwaningo. Leli isebenzise injulalwazi ebizwa ngeQeer. Le njulalwazi ehlaziya iphinde iphosele inselelo imikhuba kanye nezinkolelo zomphakatha mayelana nobulili kanye nobudlelwano babantu abathandana nobulili obufana nobabo. Le njalalwazi yaqala ukuvela ngonyaka we-1990, emikhakheni yezifundo zobulili, ikakhulukazi emicabangweni yabantu abathandana nobulili obuhlukile nendlela abacabanga kanye nabababuka ngayo abantu abathandana nobulili obufana nobabo (gays and lesibians). Kulolu cwaningo kutholakale ukuthi abantu abadala abakayiqondi indlela yokuphila yesikhathi samanje. Enye inkinga enkulu ngukufakwa komthetho ongahambelani nenhlalakuphila kanye nezinkolelo zesintu ngoba abantu abangama Afrika abahambisani futhi abavumelani nalo mthetho. Lo mthetho uthathwe emazweni aphesheya, lokhu kuwenza uphambane nezinkolelo zobu-Afrika. Le njulalwazi iyahambelana nalolu cwaningo ngoba kuhlaziywa izingqinamba ezibhekene nabantu abathandana nobulili obufana nobabo. Abantu balolu hlobo abavamile ukwamukelwa emiphakathini kodwa bayacwaswa.
Get new issue alerts for South African Journal of African Languages